Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Obadiya 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Kepha entabeni iZiyoni kuyakuba ukuhlengwa, iyakuba yindawo engcwele, nabendlu yakwaJakobe bayakudla ifa lababaphangileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa eNtabeni yaseSiyoni kuyoba khona insindiso, futhi kuyoba khona ubungcwele; indlu kaJakobe iyakudla ifa layo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Obadiya 1:17
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni, akhe imizi yakwaJuda; bazakuhlala khona, ibe yifa labo.


ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulela nabaphendukayo kulo ngokulunga.


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Ngiyakuveza inzalo kuJakobe, nendlalifa yezintaba zami kuJuda; abakhethiweyo bami bayakulidla, nezinceku zami ziyakwakha khona.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”


Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.


Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova, “ngokuba nginawe, ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo zonke izizwe engikuxoshele kuzo, kepha wena angiyikukuqeda; kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.”


Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.


Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.


Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwamukeliswa umbuso, umbuso ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.


njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,


“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.”


Akusoze kwangena lutho olungcolileyo kuwo nowenza amanyala namanga, kuphela abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka