Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNahume 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

10 Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngoba lapho bebotshwe ndawonye njengameva, futhi lapho bedakwe njengezidakwa, bayoqedwa njengamabibi ome ngokuphelele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNahume 1:10
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abisalomu wayala izinceku zakhe ngokuthi: “Bhekani, lapho inhliziyo ka-Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale ningesabi; angithi mina nginiyalile na? Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”


Bayangibunganyela njengezinyosi, bacimeka njengomlilo wameva; egameni likaJehova ngiyakubachitha.


Bamukiswa njengokumukiswa komusi; njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.


Ngobukhulu bobukhosi bakho uyachitha abakuvukelayo; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.


Base behlakazeka abantu ezweni lonke laseGibithe ukuyobutha izinhlanga zibe yibona tshani babo.


Ukufutheka akukho kimi; sengathi kungaba khona amakhakhasi nameva! Bengiyakuwasukela ngokulwa, ngiwashise kanyekanye,


Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.


Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


Wozani, ngiyakuletha iwayini, sizakuzigcwalisa ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.


Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.


Sebevuthile, ngiyakubenzela idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo obuphakade, bangavuki,” usho uJehova.


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.


Uyakudakwa nawe, ufihlwe; futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


U-Abigayili wafika kuNabali; bheka, wayenedili endlini yakhe, linjengedili lenkosi; inhliziyo kaNabali yayithokoza phakathi kwakhe, ngokuba wayephuze kakhulu; ngalokho akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka