Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UMalaki 4:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 “Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UMalaki 4:1
37 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izimpande zakhe ziyakoma ngaphansi; phezulu kuyabuna amagatsha akhe.


Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.


Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.


Ngobukhulu bobukhosi bakho uyachitha abakuvukelayo; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.


Yebo, banele ukutshalwa nje, yebo, banele ukuhlwanyelwa nje, yebo, isiqu sanele ukugxila emhlabathini, abesephephetha kubo, babune, isivunguvungu sibasuse njengamabibi.


“Ngubani ovusile ukulunga kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, amenze ukuba abuse amakhosi, abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?


Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo, abayikuzophula emandleni elangabi; akusilo ilahle lokotha, akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.


Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika elangabini, impande yabo iyakuba njengokubola, nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu, ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti, balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.


Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.


ngihlunge kini abahlubuki nabeqayo kimi, ngibakhiphe ezweni lapho begogobele khona, bangangeni ezweni lakwa-Israyeli kodwa, nazi ukuthi nginguJehova.


Uyakuba ngukudla komlilo, igazi lakho libe phakathi kwezwe; awusayikukhunjulwa, ngokuba mina Jehova ngikhulumile.’ ”


Besewulibeka emalahleni awo lingenalutho, ukuze lishise, kushe ithusi lalo, kuncibilikiswe ukungcola kwalo phakathi kwalo ukuba kuqedwe ukugqwala kwalo.


“ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo.


“Bhekani usuku! Bhekani luyeza, sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.


Bethani icilongo eSiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele; mabathuthumele bonke abakhe ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaJehova, ngokuba lusondele;


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.


Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.


“Usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu; umsindo wosuku lukaJehova uyababa, neqhawe liyahhewula khona.


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Bheka, luyeza usuku lukaJehova, lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.


Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.


Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.


“Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.


ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.


“Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kulindele usuku lokwahlulela nolokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka