AmaHubo 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? IsiZulu 2020 uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na? Contemporary Zulu Bible 2024 Umuntu uyini ukuthi umkhumbule? nendodana yomuntu ukuthi uyivakashele na? |
UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,
Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.
UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.
“Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela nabantu emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani le ndlu encane engiyakhileyo na?
Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,
Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*
Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho, phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;
Abantu bakholwa-ke. Sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ukubonile ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.
Zonke izizwe zinjengento engelutho phambi kwakhe, zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
“Yimina, yimi enginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyakwenziwa ibe njengotshani, na?
Wathi kimi: “Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.”
UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabenzela inkululeko.
zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”
nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.