Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 146:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 146:3
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?”


Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.


Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.


Siphe ukuba sisizakale ekuhluphekeni, ngokuba ukusiza komuntu kuyize.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje, ngokuba babalwa njengantoni na?


“Ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti, “isipikili esabethelwa endaweni eqinileyo siyakukhumuka, sinqanyulwe, siwe, nomthwalo obukuso unqunywe,” ngokuba uJehova ukhulumile.


AbaseGibithe bangabantu, abasiye uNkulunkulu, amahhashi abo ayinyama, awasiwo umoya, nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe uyakukhubeka naye osizayo, kuwe naye osizwayo, baphele bonke kanyekanye.


u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka