Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”
2 Samuweli 5:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli. IsiZulu 2020 Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli. |
Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”
Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”
U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.
uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi.
Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
“Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa-Israyeli wonke,
UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaJehova.
“Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo, sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu, namaLevi ethu, nabapristi bethu.”
“Hamba ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, ubonakele kimi, wathi: Nginihambele nokunihambela, ngibonile okwenziwa kini eGibithe.
UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.
UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.
Bonke abantu baya eGiligali, bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova; uSawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu khona.
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.
Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.