Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

7 Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:7
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.”


Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.


U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: “Mana njalo, nkosi.”


Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.


Lindani nigxile ekukholweni, nibe ngamadoda, nibe namandla.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.


Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.


Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuba ningabi yizigqila zamaHeberu, njengalokho ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka