Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 5:3 - IsiZulu 2020

3 Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ayesefika onke amadoda amakhulu akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova, amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 5:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”


Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”


U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.


UZadoki, umphristi noNathani, umphrofethi bayakumgcoba lapho uSolomoni ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, bese nibetha amacilongo, nithi: ‘Mana njalo, nkosi Solomoni.’


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaSimakade nenkosi nabantu, sokuba ngabantu bakaSimakade. Wenza futhi isivumelwano phakathi kwenkosi nabantu.


U-Israyeli wonke wabuthana kuDavide eHebhroni, wathi: “Thina phela siyithambo lakho nenyama yakho.


Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.


“Nakuba kunjalo, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wangiqoka endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade. Ngokuba ukhethe uJuda ukuba abe ngumbusi, endlini kaJuda, indlu kababa, emadodaneni kababa, wangithanda mina ukuba angibeke ngibe yinkosi yawo wonke u-Israyeli.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.


“Ngenxa yakho konke lokho, manje sesenza isivumelwano, sisibhala phansi, abaholi bethu, abaLevi bethu nabaphristi bethu bashaya isigxivizo.”


“Hamba uqoqe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘USimakade, uNkulunkulu wokhokho benu, uNkulunkulu ka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe uzibonakalisile kimi, wathi: “Ngikubonile konke okwenziwa kini eGibhithe,


UJoshuwa wakhuphukela e-Egiloni nabo bonke abakwa-Israyeli, baya eHebhroni, balwa nalo.


UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.


Bonke abantu baya eGiligali, bafika bambeka khona eGiligali uSawule, waba yinkosi phambi kukaSimakade. Bahlaba lapho imihlatshelo neminikelo yokuthula phambi kukaSimakade. USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu lapho.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka