Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka, ngihambe ngibuthele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, benze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke okufiswa yinhliziyo yakho. UDavide wammukisa u-Abineri; wahamba ngokuthula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 3:21
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.


kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”


U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.”


Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli.


Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.


ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka