Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku-Abiyathara abapristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo, lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na?


Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu impela; kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sike sadla ntoni engeyenkosi na? Isixoshisile ngamaxosho na?”


Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”


Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.


Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.


EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.


Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: “Mana njalo, nkosi.”


Selizwile iJabeshi Gileyadi konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule,


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka