Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 2:4 - IsiZulu 2020

4 Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amadoda akwaJuda afika amgcoba lapho uDavide abe yinkosi phezu kwendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide, bathi: “Ngamadoda aseJabeshi eGileyadi ammbela uSawule.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 2:4
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi uDavide yathumela kuZadoki no-Abhiyathara, abaphristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi esigodlweni sayo, lokhu konke okushiwo ngu-Israyeli sekufinyelele enkosini nasendlini yayo na?


Wonke amadoda akwaJuda abaphendula abantu bakwa-Israyeli, athi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu segazi kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sidleni engeyenkosi? Kukhona yini esixoshise ngakho?”


Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”


UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.


AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni.


Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.


UJehoyada wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayethwesa umqhele, wayinika ubufakazi, base beyibeka ukuba ibe yinkosi, bayigcoba, bashaya ihlombe behalalisa, bethi: “Mana njalo, nkosi!”


Sebezwile bonke abaseJabheshi Gileyadi ngakho konke okwenziwe ngamaFilisti kuSawule,


Wonke amalunga akwa-Israyeli eza enkosini eHebhroni. UDavide wenza nawo isivumelwano eHebhroni, phambi kukaSimakade. Amgcoba uDavide waba yinkosi kwa-Israyeli, njengokusho kwezwi likaSimakade ngomlomo kaSamuweli.


Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.


USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaSimakade wehlela ngamandla phezu kukaDavide, kusukela ngalolo lusuku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka