Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




2 Samuweli 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwathi ngosuku lwesithathu kwaphuma umuntu ekamu, izingubo zikaSawule eziklebhukile, enothuli ekhanda lakhe; lapho efika kuDavide, wawa phansi, wakhuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta



2 Samuweli 1:2
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesithathu u-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wayibona indawo isekude.


URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.


UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?” Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”


UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wamuka, ehamba ekliwula.


Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini, wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Siza, nkosi.”


Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma, wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.


umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ulethile izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eSikilagi, ethi ngangiyakumnika umvuzo wezindaba zakhe;


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


bezwakalise izwi labo phezu kwakho, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba yena unomusa, unobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uhawukela nomubi.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.


UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe, wawa ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa, yena namalunga akwa-Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.


Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.


Kwaphuma umuntu wakwaBenjamini empini, wagijima waya eShilo ngalolo suku, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


Lowo muntu wathi ku-Eli: “Nginguye owaphuma empini, ngibaleke empini namuhla.” Wathi: “Bekunjani, ndodana yami, na?”