Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




Mathewu 16:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

21 Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kusukela ngaleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 16:21
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

noSalu, no-Amoki, noHilikiya, noJedaya. Labo babe yizinhloko zabapristi nezabafowabo emihleni kaJeshuwa.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza, wathi: “Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.”


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


Kepha ngithi kini: U-Eliya sewafika; abamazanga nokho, kodwa benza kuye abakuthandayo. Kanjalo neNdodana yomuntu iyakuhlushwa yibo.”


Besehla entabeni, uJesu wabayala wathi: “Ningatsheli muntu lowo mbono, ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.”


njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


“Niyazi ukuthi emva kwezinsuku ezimbili kuyiPhasika; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ukuba ibethelwe esiphambanweni.”


Esakhuluma, bheka, kwafika uJuda, omunye wabayishumi nambili, enesixuku esikhulu sinezinkemba nezinduku, sivela kubapristi abakhulu namalunga esizwe.


Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho.


bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’


kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.


Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.


Wayesethi kubo: “Nempela u-Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?


Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,


abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka