Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Esteri 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

1 Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yakhe yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yahlala esihlalweni sayo sobukhosi endlini yenkosi malungana nesango lendlu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Esteri 5:1
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.


Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,


Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Wayesehamba uMoridekayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.


Yayisithi inkosi: “Ngubani osegcekeni na?” UHamani wayesand'ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.


Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe, enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi.


Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.”


ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


“Onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sami sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka