Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 20:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

41 Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 20:41
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto.


U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.


UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi.


Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.


Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.


kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.


“Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.


Lapho owesifazane waseThekhowa ekhuluma enkosini, wawa ngobuso emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Siza, nkosi.”


Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.


UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: “Mefibosheti.” Wathi: “Nansi inceku yakho.”


UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: “Ubabeleni na?”


Bayitshela inkosi, bathi: “Bheka, nangu uNathani umprofethi.” Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.


Wayesekhothama uBati Sheba, ubuso bakhe bubheke phansi, wakhuluma enkosini, wathi: “Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.”


Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”


UDavide wathi kuSawule: “Ulalelelani amazwi abantu abathi: ‘Bheka, uDavide ufuna ukukulimaza’?


Lapho u-Abigayili embona uDavide, washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka