Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




2 Samuweli 1:2 - IsiZulu 2020

2 Kwathi ngosuku lwesithathu, kwafika indoda iphuma enkanjini kaSawule, igqoke izingubo ezidabukile, inothuli ekhanda. Yathi lapho ifika kuDavide yawela emhlabathini, yakhothama yathi mbo ngobuso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi ngosuku lwesithathu kwaphuma umuntu ekamu, izingubo zikaSawule eziklebhukile, enothuli ekhanda lakhe; lapho efika kuDavide, wawa phansi, wakhuleka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 Samuweli 1:2
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku lwesithathu u-Abhrahama waphakamisa amehlo akhe, wayelamela leyo ndawo ibuqamama.


URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.


Bathi: “Inceku yakho ubaba ukhona, usaphila.” Baphinda bamkhothamela, bamkhulekela.


UDavide wathi kuyo: “Uvela kuphi na?” Yathi kuye: “Ngiphunyuke enkanjini yakwa-Israyeli.”


UThamari wayesezithela ngomlotha ekhanda, wayiklebhula ingubo yakhe enemibala ayeyigqokile, wathwala izandla ekhanda, wahamba elokhu ekhala.


Owesifazane waseThekhowa wafika phambi kwenkosi, wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wayesethi: “Siza, nkosi.”


Uthe ukuba adundubale afinyelele esiqongweni lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, wahlangatshezwa nguHushayi, umArikhi, egqoke ibhantshi eliklebhukile, enomhlabathi ekhanda.


U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; waphuma, wayikhothamela inkosi, wayesethi mbo ngobuso emhlabathini.


Umuntu owangitshela ukuthi: ‘Bheka, uSawule ufile,’ ecabanga ukuthi ungilethele izindaba ezinhle, ngambamba, ngambulala eZikilagi, ecabanga ukuthi ngizomnika umvuzo ngezindaba ayezilethile.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


bezwakalise izwi labo kuwe, bakhale ngomunyu, bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,


Uyakusiphilisa emva kwezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile ebukhoneni bakhe.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Kusukela lapho, uJesu waqala ukubachazela abafundi bakhe ukuthi kufanele aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga, nabaphristi abakhulu nezazimthetho, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhala, yilowo nalowo ekhalela umngani wakhe, uDavide wakhala kakhulu.


Lapho u-Abhigayili embona uDavide, washesha wehla embongolweni yakhe, wakhothama wathi mbo ngobuso phambi kukaDavide.


Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.


Lo muntu wathi ku-Eli: “Ngiyilowo osinde ngokulambisa empini namuhla.” U-Eli wathi: “Bekunjani ndodana yami?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka