Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”
UNumeri 24:9 - IsiZulu 2020 Wacutha njengengonyama, walala phansi njengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuthalala, walala phansi njengengonyama, nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na? “Mababusiswe bonke abakubusisayo, baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo. |
Ngiyakubabusisa abakubusisayo, ngibaqalekise abakuqalekisayo. Yonke imindeni yomhlaba iyakubusiswa ngawe.”
Sengathi abantu bangakukhonza. Izizwe ngezizwe zikukhothamele. Busa phezu kwabafowenu, izizukulwane zikanyoko zikukhothamele. Mabaqalekiswe bonke abakuqalekisayo, babusiswe bonke abakubusisayo.”
UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?
Kwakumi izingonyama ezili-12 ngapha nangapha kwezikhwelo eziyisithupha. Okunjengalokho akuzange kwenziwe kunoma yimuphi omunye umbuso.
Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamatheliswe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili eceleni kwemikhono.
Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”
Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.
Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo wenza konke ekutshela khona, ngiyobazonda abakuzondayo, ngibe yisitha sezitha zakho.
Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.
Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.
UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”
Ngakho-ke woza uzongiqalekisela bona, ngokuba banamandla kakhulu kunami, mhlawumbe ngiyokwazi ukubanqoba, ngibaxoshe ezweni. Ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.”
Laba bantu banjengengonyama; baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli ingakayisobozeli inyamazane, iphuze igazi layo.”
UBhalaki wamthukuthelela kakhulu uBhileyamu, wahlanganisa izandla zakhe; wathi kuBhileyamu: “Ngikubize ukuba uzoqalekisa izitha zami, kunalokho, bheka uzibusisile kwaze kwakathathu.
“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’
“INkosi iyakubaphendula, ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini: lokhu eningakwenzanga komunye walabo abancinyane, anikwenzanga kimi uqobo.’
USimakade uNkulunkulu wakho uyakubeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo nabakuhlukumezile.