Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 23:24 - IsiZulu 2020

24 Laba bantu banjengengonyama; baziphakamisisa okwengonyama engaphumuli ingakayisobozeli inyamazane, iphuze igazi layo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Bheka, abantu bavuka njengengonyamakazi, nanjengengonyama bayaziphakamisa; abayikulala phansi, bengakayidli impango, baphuze igazi lababuleweyo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Bheka, abantu bayakuvuka njengengonyama enkulu, baziphakamise njengebhongo lengonyama;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 23:24
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”


UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?


Kwakumi izingonyama ezili-12 ngapha nangapha kwezikhwelo eziyisithupha. Okunjengalokho akuzange kwenziwe kunoma yimuphi omunye umbuso.


Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, sinesenabelo segolide esasinamatheliswe esihlalweni sobukhosi, nemikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili eceleni kwemikhono.


Ufana nebhubesi elilambile, nanjengebhongo lengonyama licuthe ehlozini.


ingonyama, iqhawe ezilwaneni, ayihlehli phambi kwanoma yisiphi esinye;


Usho kanje uSimakade kimi, uthi: “Njengengonyama ibhodla, nebhongo lengonyama ligwavuma phezu kwenyamazane, aliphazanyiswa wumsindo wokumemeza kwabelusi abaningi abasuke bebizwe ukumelana nalo, futhi alithikanyezwa ngumsindo wabo, kanjalo uSimakade Wamabandla uyokwehla ukuba alwe entabeni iZiyoni nasegqumeni layo.


“Ezinsukwini zalawo makhosi, uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa, nobukhosi bawo obungeke bushiyelwe abanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.


Ingonyama ibhongile, pho ngubani ongayukwesaba na? INkosi uSimakade ikhulumile, pho ngubani ongayukuphrofetha na?


Uphi umphandu wezingonyama, nedlelo lamawundlu ezingonyama, lapho kwahamba khona ingonyama nengonyakazi newundlu lengonyama, lapho kungekho khona okwesabisayo na?


Ingonyama yadwengula okwanele amawundlu ayo, yakubamba entanyeni okwengonyamakazi yayo, yagcwalisa umgodi wayo ngenyamazana, umphandu wayo ngenyama edwenguliwe.


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.


UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ungalokothi ubaqalekise abakwa-Israyeli, futhi ungalokothi ubabusise!”


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


“NgoGadi wathi: ‘Makabusiswe owandisa uGadi: uhlezi njengengonyama, udwengula ingalo nomqhele okhakhayini.


Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka