Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 9:5 - IsiZulu 2020

5 Kepha wathi: “Ungubani, Nkosi?” Wayesethi: “NginguJesu omhluphayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Wasesithi: Ungubani, Nkosi? INkosi yasisithi: Mina nginguJesu omzingelayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Wasesithi: Ungubani, Nkosi? INkosi yasisithi: Mina nginguJesu omzingelayo;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 9:5
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’


Kepha uPhethro wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba selokhu kwathi nhlo angikaze ngidle okuyichilo nokungcolileyo.”


Kwathi sonke sesiwe phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi ngolimi lwesiHebheru: ‘Sawula, Sawula, ungihluphelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’


“Kepha mina ngokwami ngazimisela ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha.


kodwa uma kuvela kuNkulunkulu, aniyukuba namandla okubachitha, funa mhlawumbe nifunyanwe ningabaphikisana noNkulunkulu.” Bamvumela-ke.


Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”


Kepha vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokho okumele ukwenze.”


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka