U-Abhrahama waphakamisa amehlo wabona; bheka, nansi inqama emva kwakhe ibhajwe ngezimpondo ehlozini. Wayithatha inqama wenza ngayo umhlatshelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
UNumeri 23:3 - IsiZulu 2020 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho. Contemporary Zulu Bible 2024 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe iNkosi ingangihlangabeza; Futhi waya endaweni ephakeme. |
U-Abhrahama waphakamisa amehlo wabona; bheka, nansi inqama emva kwakhe ibhajwe ngezimpondo ehlozini. Wayithatha inqama wenza ngayo umhlatshelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.
UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”
UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.
UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.
UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”
UBhileyamu wathi: “Mana lapha maqondana nomnikelo wakho wokushiswa; mina ngizoyohlangana noNkulunkulu.”
UBhalaki wenza njengalokhu uBhileyamu eshilo. UBhalaki noBhileyamu banikela ngenkunzi nangenqama e-althare ngalinye.
UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”
UNkulunkulu wahlangana noBhileyamu, uBhileyamu wathi kuye: “Sengiwalungisile ama-althare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nenqama phezu kwalelo nalelo althare.”
Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.
USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo;
kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.