Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNumeri 23:3 - IsiZulu 2020

UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe iNkosi ingangihlangabeza; Futhi waya endaweni ephakeme.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNumeri 23:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama waphakamisa amehlo wabona; bheka, nansi inqama emva kwakhe ibhajwe ngezimpondo ehlozini. Wayithatha inqama wenza ngayo umhlatshelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”


UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.


UJethro umukhwe kaMose, waletha umnikelo wokushiswa nemihlatshelo kuNkulunkulu; u-Aroni nawo wonke amalunga akwa-Israyeli beza bazokudla nomukhwe kaMose, phambi kukaNkulunkulu.


USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi:


UBhileyamu waphendula, wathi: “Akufanele yini ngiqikelele ukuba ngikutshele lokho uSimakade athe angikusho na?”


UBhileyamu wathi: “Mana lapha maqondana nomnikelo wakho wokushiswa; mina ngizoyohlangana noNkulunkulu.”


UBhalaki wenza njengalokhu uBhileyamu eshilo. UBhalaki noBhileyamu banikela ngenkunzi nangenqama e-althare ngalinye.


UBhileyamu waphendula, wathi kuBhalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke akushoyo uSimakade ngizokwenza na?”


UNkulunkulu wahlangana noBhileyamu, uBhileyamu wathi kuye: “Sengiwalungisile ama-althare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nenqama phezu kwalelo nalelo althare.”


Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo;


kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.