Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 1:1 - IsiZulu 2020

1 USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wambiza uMose, wakhuluma kuye etendeni lokuhlangana, wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 1:1
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yashisa umnikelo wayo wokushiswa, nomnikelo wayo wempuphu, yathulula umnikelo wayo wokuphuzwayo, yafafaza igazi leminikelo yokuthula e-althare.


Inani leminikelo yokushiswa elalethwa yibandla laliyizinkunzi ezingama-70, izinqama eziyi-100, namawundlu angama-200. Konke lokho kwaba ngokomnikelo wokushiswa kuSimakade.


UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi:


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”


“Lowo kuyokuba ngumnikelo wokushiswa imihla ngemihla, izizukulwane ngezizukulwane, oyokwenziwa ngasemnyango wethende lokuhlangana, phambi kukaSimakade, lapho ngiyohlangana nani ukuba ngikhulume nani khona.


Lapho uSimakade ebona ukuthi uchezukile ukuyobheka, uNkulunkulu wambiza esesihlahleni, wathi: “Mose, Mose!” Yena wathi: “Ngilapha.”


UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu.


Waphothulwa kanjalo-ke wonke umsebenzi wethabanakeli lethende lokuhlangana; abantu bakwa-Israyeli benza njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Wabeka i-althare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana, wayesenikela phezu kwalo umnikelo wokushiswa, nowokusanhlamvu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


uSimakade amyala ngawo uMose entabeni iSinayi, ngosuku ayala ngalo abakwa-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yabo kuSimakade ehlane iSinayi.


Waletha umnikelo wokushiswa, wawunikela njengalokhu kumisiwe.


Ngosuku lokuqala lwenyanga yesibili ngonyaka, wesibili abakwa-Israyeli bephumile eGibhithe, uSimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ethendeni lokuhlangana, wathi:


iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,


Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


Uyokwakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka