Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




ULevitikusi 1:2 - IsiZulu 2020

2 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Uba omunye wenu eletha umnikelo eNkosini, uzanikela ngomnikelo wakhe wenkomo, owenkomo lomhlambi wezimvu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




ULevitikusi 1:2
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngokuhamba kwezinsuku uKhayini waletha kuSimakade umnikelo wezithelo zomhlabathi.


kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.


Mnikeni uSimakade udumo lwegama lakhe, nilethe umnikelo, nize phambi kwakhe, nikhuleke kuSimakade nihlobe ngobungcwele.


Emveni kwalokho baletha iminikelo yokushiswa ejwayelekile, eyokwethwasa kwenyanga, eyayo yonke imikhosi emisiweyo kaSimakade neminikelo yesihle eyayinikelwa ngabantu kuSimakade.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,


indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.


iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,


Kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: Lokhu kungumnikelo engethembise ukuwunikela kuNkulunkulu, esho isipho abebengasizakala ngaso,’


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Sinezipho zomusa ezahlukeneyo ngokomusa esiwuphiweyo: uma kungesokuphrofetha, asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa.


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka