Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 23:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UBileyamu wathi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela.” Waya edulini elingenalutho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 UBhileyamu wathi kuBhalaki: “Yima maqondana nomnikelo wakho wokushiswa, mina ngizohamba, mhlawumbe uSimakade uyohlangana nami, angikhombise izwi nanoma yikuphi engifanele ukuba ngikusho kuwe.” Wayesenyukela egqumeni eliyiqwaqwasi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngihambe; mhlawumbe iNkosi ingangihlangabeza; Futhi waya endaweni ephakeme.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 23:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, ngemuva yinqama, ibhajiwe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo umnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”


UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.


UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.


UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:


Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”


Wathi kuBalaki: “Yima lapha ngasemnikelweni wakho wokushiswa, mina ngilinde laphaya.”


UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.


Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


UNkulunkulu wahlangana noBileyamu; yena wathi kuye: “Sengilungisile ama-altare ayisikhombisa, nganikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.”


UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;


kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka