Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 22:2 - IsiZulu 2020

2 UNkulunkulu wathi kuye: “Thatha u-Isaka indodana yakho oyithandayo okungukuphela kwayo, uhambe nayo uye eMoriya, uthi ungafika khona unikele ngayo ibe ngumhlatshelo wokushiswa kwenye yezintaba engizokukhombisa yona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wayesethi: “Thatha manje indodana yakho eyodwa oyithandayo, u-Isaka, uye ezweni laseMoriya, unikele khona ngaye abe ngumnikelo wokushiswa entabeni ethile engizakukutshela yona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi: “Manje thatha indodana yakho, indodana yakho eyodwa, u-Isaka, oyithandayo, uye ezweni laseMoriya; umnikele khona abe ngumnikelo wokushiswa kwenye yezintaba engizakukutshela khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 22:2
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe.


UNkulunkulu wathi ku-Abhrahama: “Ungakhathazeki kangaka ngomfana nesigqila sakho. Lalela konke akushoyo uSara, ngokuba uzalo luka-Isaka oluyobizwa ngawe.


U-Abhrahama wayiqamba indodana ayizalelwe nguSara ngokuthi ngu-Isaka.


Yathi: “Ungamthinti umfana, ungamenzi lutho, ngoba manje sengiyazi ukuthi ungumuntu omesabayo uNkulunkulu, ngokuba awungigodlelanga indodana yakho eyodwa.”


“Ngizifunge Mina, kusho uSimakade: ‘Ngenxa yokuba wenze lokhu, ungayigodlanga indodana yakho eyodwa,


U-Abhrahama wavuka ekuseni ngovivi, wabophela imbongolo yakhe, wathatha izinceku zakhe ezimbili, no-Isaka indodana yakhe. Wacanda izinkuni zomhlatshelo wokushiswa, maqede wangena indlela, waya lapho uNkulunkulu emyalele khona.


Sebefike kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele ngayo, u-Abhrahama wakha i-althare, wabeka izinkuni phezu kwalo. Wayibopha indodana yakhe u-Isaka, wayibeka phezu kwezinkuni e-althare.


UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.


Inkosi yathatha izibulo layo okuyilona elalizobusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo ukuba libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Leso senzo sabacunula kakhulu abakwa-Israyeli, basuka lapho babuyela ezweni lakubo.


USolomoni waqala ukwakha indlu kaSimakade eJerusalema, entabeni iMoriya, lapho uSimakade abonakala khona kuyise uDavide, endaweni uDavide ayeyilungisile, esibuyeni sika-Orinani, umJebusi.


Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Kepha uNkulunkulu ubonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu, ukuthi siseyizoni, uKhristu wasifela.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke. Kungaba kanjani pho, ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,


kuyothi noma yini eyophuma emnyango wendlu yami izongihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantu bakwa-Amoni, kube ngokukaSimakade, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”


Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka