UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”
UNumeri 14:14 - IsiZulu 2020 Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku. IBHAYIBHELI ELINGCWELE babatshele abakhe kuleli zwe; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku. Contemporary Zulu Bible 2024 Bazakutshela abakhileyo kuleli zwe, ngoba bezwile ukuthi iNkosi yakho iphakathi kwalaba bantu, ukuthi iNkosi yakho ibonakala ubuso nobuso, nokuthi ifu lakho limi phezu kwabo nokuthi uphuma phambi kwabo emini isikhathi ensikeni yefu nasensikeni yomlilo ebusuku. |
UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”
Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”
“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.
USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.
Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”
Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.
Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”
Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.
UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.
“Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.
Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.
nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.
Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.