Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 5:1 - IsiZulu 2020

1 Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi lapho onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani asolwandle, ezwa ukuthi uJehova womisa amanzi aseJordani ngaphambili. Abantwana bakwa-Israyeli, saze sadabula, izinhliziyo zabo zaphela amandla, akwabe kusaba lukhuni kubo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 5:1
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.


Wena-ke ngikwabela okuthe xaxa kunabafowenu; ingxenye engayithatha ezandleni zama-Amori ngenkemba nangomnsalo wami.”


Inkosi yayisibiza abaseGibheyoni yakhuluma nabo. AbaseGibheyoni babengesibo abantu bakwa-Israyeli, babeyinsali yama-Amori. Nokho abakwa-Israyeli babenze isifungo kubo, kodwa uSawule wayefuna ukubabulala ngenxa yentshisekelo yakhe ngabakwa-Israyeli nabakwaJuda.


ukudla okwakusetafuleni lakhe, indlela izinceku zakhe ezazihlala ngayo, ukuma kwezikhonzi zakhe, izembatho zazo, abaphathizitsha bakhe, umnikelo wakhe wokushiswa ayewunikela endlini kaSimakade, yabamba ongezansi.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


uSihoni, inkosi yama-Amori, u-Ogi, inkosi yaseBhashani, nemibuso yonke eKhanani.


Ngiyokwenza izitha zakho zithuthumele, ngigudluze amaHivi, amaKhanani namaHithi phambi kwakho.


Iziqhingi zibonile, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela, iyasondela, futhi isifikile.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iJerusalema, ithi: “Indabuko yakho nokuzalwa kwakho kuseKhanani. Uyihlo wayengumAmoni, unyoko engumHithi.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Ububulelani na?’ uthi kubo: ‘Kungenxa yombiko, ngokuba ngesikhathi oyakufika ngaso, zonke izinhliziyo ziyakudikibala, izandla zidangale, yonke imiphefumulo ibe buthakathaka, kugcwale amanzi emadolweni.’ Lokhu kuyeza, futhi kuyakwenzeka,” kusho iNkosi uSimakade.


Kwase kuhwaqabala ubuso bayo, imicabango yayo yayiyesabisa, kwaxega amanyonga okhalo lwayo, namadolo ayo ashayana.


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


Ama-Amaleki ahlala ngaseningizimu; amaHithi, amaJebusi nama-Amori akhe kwelezintaba; kuthi amaKhanani ahlale ngasolwandle olukhulu, agudle iJordani.”


Nokho abozalo lukaManase abakwazanga ukuyinqoba leyo mizi ibe yifa labo; amaKhanani aqhubeka nokuhlala kulelo lizwe.


kodwa elezintaba kuzoba ngelakho, ngokuba nakuba liyihlathi nizolicaba libe yifa lenu namaphethelo alo, ngokuba nizowaxosha amaKhanani, ngisho enezinqola zensimbi, futhi enamandla.”


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


amanzi anqamuka ukugeleza, aba yintaba aze ayofinyelela ngase-Adamu, eliseduze neZarethani. Kwathi amanzi agelezela olwandle i-Araba, uLwandle Lukasawoti nawo anqamuka, abantu bawela umfula maqondana neJerikho.


Abaphristi ababethwele umphongolo wesivumelwano sikaSimakade bama bangathi nyaka emhlabathini owomile phakathi kweJordani, saze sawela sonke isizwe sakwa-Israyeli, sihamba emhlabathini owomileyo.


Ayomela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, athi: ‘Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBhabhiloni, muzi onamandla, ngokuba ukwehlulelwa kwakho kufike ngehora linye nje!’


Emveni kokufa kukaJoshuwa, abantu bakwa-Israyeli babuza kuSimakade, bathi: “Ngubani ozosihola siyokulwa namaKhanani, na?”


“Ngakho-ke manje, uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uwanqobile ama-Amori ukuze kuzuze abantu bakhe bakwa-Israyeli. Ngabe usophe ukudla izwe labo, na?


Kwakuyilezi izizwe: amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo wonke amaKhanani, amaSidoni, amaHivi ayehlala entabeni iLebhanoni, kusukela entabeni iBhali Hermoni kuze kube seHamathi.


Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.


Ekuseni, selidamukile iwayini kuNabali, umkakhe wamtshela ngalezo zinto, inhliziyo yakhe yaphelelwa ngamandla, waba njengetshe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka