Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 4:24 - IsiZulu 2020

24 ukuze bonke abantu emhlabeni bazi ukuthi isandla sikaSimakade sinamandla, nokuba bamesabe uSimakade uNkulunkulu zonke izinsuku.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 4:24
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ukuze bakwesabe zonke izinsuku zokuphila kwabo ezweni owalinika okhokho babo.


ukuze bonke abantu bomhlaba bazi ukuthi uSimakade nguye onguNkulunkulu; akekho omunye.


Manje, Simakade Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi Wena, Simakade, unguNkulunkulu, Wena wedwa.”


Wayesebuyela kumuntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Uyabona-ke, sengiyazi ukuthi akekho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kodwa kwa-Israyeli kuphela, ngakho-ke ake wamukele isipho encekwini yakho.”


Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, Wena uyabusa phezu kwakho konke. Esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, ukukhulisa nokunika bonke amandla.


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Ingalo yakho inobuqhawe, isandla sakho sinamandla, esokunene sakho siphakeme.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


U-Israyeli wawabona amandla amakhulu abonakaliswa nguSimakade phezu kwabaseGibhithe, abantu bakholwa nguSimakade nayinceku yakhe uMose.


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


USimakade uyembulile ingalo yakhe engcwele emehlweni ezizwe zonke, yonke imikhawulo yomhlaba iyoyibona insindiso kaNkulunkulu wethu.


Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubizwe ngegama likaSimakade, bakwesabe.


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka