Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 5:2 - IsiZulu 2020

2 Ngaleso sikhathi uSimakade wathi kuJoshuwa: “Yenza imimese ngetshe lensengetsha bese usoka abantu bakwa-Israyeli okwesibili.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa: “Zenzele omese bensengetsha, ubuye usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa: “Zenzele omese ababukhali, uphinde usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 5:2
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UZiphora wathatha itshe elicijile wasika ijwabu lendodana yakhe, wathinta izinyawo zikaMose, wathi: “Ungumyeni wami wegazi kimi.”


Kepha umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo ngomoya, hhayi ngomthetho nje obhaliweyo; okutuswa kwakhe akuveli nje kubantu, kodwa kuNkulunkulu.


Wasemukela isibonakaliso sokusoka saba luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubo,


Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu;


Ngakho-ke uJoshuwa wazenzela imimese ngetshe lensengetsha, wasoka abantu bakwa-Israyeli eGqumeni Lamajwabu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka