Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 1:19 - IsiZulu 2020

19 “Sasuka eHorebhe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni ekwelezintaba lakwa-Amori, njengalokho uSimakade uNkulunkulu wethu ayesiyalile, saze safika eKadeshi Bharineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Sasuka eHorebe, sadabula lelo hlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo ngasendleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala, saze safika eKadeshi Barineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Sasuka eHorebe, sadabula lonke ihlane elikhulu nelesabekayo enalibonayo endleleni yasentabeni yama-Amori, njengalokho uJehova uNkulunkulu wethu wasiyala; safika eKadeshi Barineya.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 1:19
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abashongo ukuthi: ‘Uphi uSimakade owasikhuphula eGibhithe, wasihola ezweni eliyihlane nogwadule; izwe lemigodi, nesomiso, ezweni lethunzi lokufa, elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona na?’


Abantu bakwa-Israyeli baqala uhambo lwabo besuka ehlane iSinayi, ifu laze lema ehlane iPharanu.


Owesizwana sakwa-Asheri: nguSethuru, indodana kaMikhayeli.


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya.


Kuthatha izinsuku ezili-11 ukusuka eHorebhe uya eKadeshi Bharineya uma uhamba ngendlela esentabeni iSeyiri.


Ngase ngithi kini: ‘Senifikile kwelezintaba lakwa-Amori uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.


phendukani nihambe, niye kwelezintaba kwa-Amori nasezindaweni zonke ezakhelene nakhona e-Araba, kwelezintaba, ezansi, eningizimu, ogwini lolwandle, ezweni lamaKhanani, eLebhanoni, kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula iYufrathe.


“USimakade uNkulunkulu wakho ukubusisile emsebenzini wonke wesandla sakho. Ukwazile ukuhamba kwakho kuleli hlane elikhulu, nakule minyaka engama-40, uSimakade uNkulunkulu wakho ube nawe, aweswelanga lutho.


“Wamthola ezweni eliyihlane, nasoqwathuleni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.


wakuhola ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho manzi khona; wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha.


UJoshuwa wabanqoba kusukela eKadeshi Bharineya kuze kufike eGaza, nalo lonke iGosheni kuze kufike eGibheyoni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka