“Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,
UNehemiya 5:10 - IsiZulu 2020 Mina, abafowethu nezinceku zami, sabetsheleka imali nokusanhlamvu. Masikuyeke ukubiza inzalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele. Ake siyeke ukubiza le nzalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngendlela efanayo mina nabafowethu nezinceku zami sasibiza imali nokolweni kubo; |
“Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,
Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”
Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.
Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?
ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.
“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?
ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.
engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,
engabolekisi ukuze athole inzalo, engamukeli nzuzo ngokungafanele, eziqoqa ebubini, enza ubulungiswa phakathi kwabantu abaphikisanayo,
Maye, kulabo abaceba okubi, labo abahlela ukwenza ububi besemibhedeni yabo, kuthi ekuthatheni kokusa bakwenze! Ngokuba kusemandleni ezandla zabo ukwenza lokho.
Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.
Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”
Thina esisebenza kanye naye, siyanincenga ukuba ningawemukeleli ize umusa kaNkulunkulu,
Nansi indlela eniyolwenza ngayo: yilowo nalowo otsheleka umakhelwane noma umfowabo okuthile, uyokuyeka angabe esakubiza kuye, ngokuba kuyobe sekumenyezelwe uyekelelo lukaSimakade.