Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNehemiya 5:9 - IsiZulu 2020

9 Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngathi futhi: “Akukuhle enikwenzayo; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe, izitha zethu, na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Futhi ngathi: Kakukuhle ukuthi nenze lokhu; Aniyikuhamba yini ekwesabeni uNkulunkulu wethu ngenxa yehlazo labezizwe, izitha zethu?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNehemiya 5:9
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama waziphendulela wathi: “Kufike kimi umcabango wokuthi uNkulunkulu akesatshwa kule ndawo, ngizobulawa ngifele umkami.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


Ngase ngikhuleka, ngithi: “Nkulunkulu wami, yizwa ukuthi basedelela kanjani, uyibuyisele kubo inhlamba yabo, ubanikele babe njengempango ezweni lokuthunjwa.


Mina, abafowethu nezinceku zami, sabetsheleka imali nokusanhlamvu. Masikuyeke ukubiza inzalo.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Ngubani owazi amandla entukuthelo yakho nolaka lwakho olunjengokwesabeka kwakho na?


Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe, amholele endleleni embi.


Ukuhlawulisa olungileyo akukuhle, nokushaya abaqotho akulungile.


Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.


Futhi akukuhle ukuba umuntu angabi nalwazi; oshesha ngezinyawo uyaduka.


Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.


Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’


Awuyukuthatha kuye inzalo nenzuzo, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.


Ngakho-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke iJudiya, eGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ngokuyesaba iNkosi, nangenduduzo kaMoya oNgcwele, likhula kakhulu.


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Qha, madodana ami, akusiwo umbiko omuhle engiwuzwa ukhulunywa ngabantu bakaSimakade ngani.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka