UNehemiya 5:11 - IsiZulu 202011 Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.” Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE11 Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.” Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202411 Babuyisele namuhla amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nokwekhulu kwemali, nokolweni, newayini, namafutha eniwatholile kubo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”