Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 15:5 - IsiZulu 2020

5 ongatshelekisi ngemali ukuba athole inzuzo, nongadizelwa ukuze alahle ngecala omsulwa. Owenza lezi zinto akasoze azanyazanyiswa, kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ongayisebenzisi imali yakhe ekuzuzeni inzalo, ongathathi nzuzo kongenacala. Owenza lezi zinto akasoze antengantenga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 15:5
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Babusisiwe abagcina ubulungiswa, abenza ukulunga ngezikhathi zonke.


Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.


Ngiyohlala njalo ngibheke kuwe Simakade, ngokuba Wena ungakwesokunene sami, angiyukuzanyazanyiswa.


Phonsa umthwalo wakho kuSimakade, Yena uzokusimamisa. Akayukuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.


ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.


“Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.


Olungileyo akayukuzanyazanyiswa kuze kube phakade, kepha izikhohlakali aziyukuhlala ezweni.


Umuntu akanakuma ngenkohlakalo, kepha impande yabalungileyo ayiyukunyakaziswa.


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi,


ingabancishi abampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izehlulelo zami, futhi ihamba ngezimiso zami; ayiyukufa ngenxa yokona kukayise, iyakuphila nokuphila.


Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuwusindisa umphefumulo wakhe.


engabolekisi ukuze athole inzalo, engamukeli nzuzo ngokungafanele, eziqoqa ebubini, enza ubulungiswa phakathi kwabantu abaphikisanayo,


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


wathi: “Niyakunginika ini, uma ngimkhaphela kini na?” Base bemkalela, bamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-30.


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


“Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe.


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka