USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
UJobe 10:9 - IsiZulu 2020 Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na? Contemporary Zulu Bible 2024 Khumbula ukuthi wangenza njengobumba; futhi uzongibuyisela othulini na? |
USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.
Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
Kakhulu kangakanani-ke labo abahlezi ezindlini zodaka, abasisekelo sabo sisothulini, abachotshozwa njengenundu na?
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.
Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
Ngikhumbule, Simakade, lapho wenzela abantu bakho umusa, ungihambele ngensindiso yakho,
Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.
Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani, nokuthi bonke abantwana babantu wabadalela ize.
uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.
“Maye, kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi! Ibumba liyakusho yini kolibumbayo, lithi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho, uthi: ‘Akanazo yini izandla na?’
Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.
“Ngingenzi yini kini ndlu ka-Israyeli njengoba umbumbi enza na?” kusho uSimakade. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami, nina ndlu ka-Israyeli.
Kambe umbumbi akanamandla yini ukuba esigaxeni esisodwa sebumba enze isitsha esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, hhayi obuvela kithi.