Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UJobe 7:21 - IsiZulu 2020

21 Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi kungani ungathetheleli isiphambeko sami futhi ususe ububi bami na? ngokuba manje ngiyakulala othulini; niyongifuna ekuseni, kodwa ngibe ngingasekho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJobe 7:21
29 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wahlabeka enhliziyweni emveni kokuba esebabalile abantu, wathi kuSimakade: “Ngonile kakhulu ngalokhu engikwenzileyo. Kepha manje, Simakade, siza uthethelele isiphambeko esenziwe yinceku yakho, ngokuba yenze ubuwula obukhulu.”


uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami.


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


Ngubani ozophikisana nami na? Ngokuba uma kunjalo ngizozithulela ngize ngife.


Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?


ngibize ingcwaba ngithi: ‘Ungubaba,’ nezimpethu: ‘Mame nodadewethu.’


Uyakundiza njengephupho, angafunyanwa, axoshwe njengombono wasebusuku.


Ulala eyisigwili, kodwa ngeke esakwenza lokho, uyothi evula amehlo akhe ube ungasekho umcebo.


Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule


Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko, ngilungile, akukho okubi kimi.


Iso elingibonayo alisayukungibona, amehlo akho esangibhekile, ngiyobe ngingasekho.


Wayesethatha uBhilidadi, umShuhi, wathi:


nokho ngiyabesaba bonke ubuhlungu bami, ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.


Izinsuku zomuntu zinjengotshani; ukhahlela njengembali yasendle,


Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Abafileyo bakho bayophila, izidumbu zabo zivuke. Vukani, nihlokome ngenjabulo nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho ayoba njengokukhanya kwasekuseni, nomhlaba uyokhipha abafileyo.


Simakade, ungathukutheli kakhulu, ungazikhumbuli iziphambeko zethu kuze kube phakade. Sonke phela singabantu bakho.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Thathani amazwi, nibuyele kuSimakade, nithi kuye: “Thethelela zonke iziphambeko, uthathe amazwi ethu, ukuze sinikele ngemilomo yethu ibe njengemihlatshelo yezinkunzi.


Ngakusasa uJohane wabona uJesu eza kuye, wayesethi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono somhlaba.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Seniyazi ukuthi Yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka