Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 22:15 - IsiZulu 2020

15 Umlomo wami wome njengodengezi, ulimi lunamathele olwangeni; ungilalise othulini lokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amandla ami omile njengodengezi; ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami; ungibeka othulini lokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Amandla ami omile njengodoti lombumbi; ulimi lwami lunamathele emhlathini wami; wangingenisa othulini lokufa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 22:15
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Ngokuba simelwe ukufa, sinjengamanzi achithwa emhlabathini, angenakubuye aqoqwe. UNkulunkulu akakususi ukuphila, kepha uqamba amasu ukuba oxoshiweyo angabi ngumxoshwa kuye.


Ake ukhumbule ukuthi nguwe owangibumba njengobumba, pho uyakungibuyisela othulini na?


Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami, ngisinde ngokulambisa kuphela.


izwi lezikhulu lalithuliswa, ulimi lwazo lunamathele olwangeni.


“Manje umphefumulo wami uyalila ngaphakathi kwami, izinsuku zosizi zingibambile.


bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?


Inhliziyo yami ishaya ngamandla, umzimba ushona phansi, kunqundeke amehlo.


Banginika inyongo ibe ngukudla kwami, ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.


Ngikhathele wukukhala, umphimbo wami ugagadekile. Amehlo ami anqundekile ngukulindela uNkulunkulu wami.


Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle, kepha umoya owaphukileyo womisa amathambo.


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Ulimi lomntwana oncelayo lunamathela olwangeni ngenxa yokoma. Izingane zicela isinkwa, kodwa akekho ozihlephulelayo.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.


Emva kwalokho, uJesu azi ukuthi konke sekuphelelisiwe, ukuba kugcwaliseke umbhalo, wathi: “Ngomile.”


Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka