Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UmShumayeli 12:7 - IsiZulu 2020

7 uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UmShumayeli 12:7
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Amathambo akhe ayogcwala ugqozi lobusha, kodwa ayolala othulini kanye naye.


Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”


Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Umuntu uyambuyisela othulini, uthi: “Buyani, bantwana babantu.”


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


Inkosi uZedekiya yafunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owasenzela lo mphefumulo, angiyukukubulala, futhi angiyukukunikela esandleni salawo madoda afuna ukuphila kwakho.”


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


UMose no-Aroni bawa bathi mbo ngobuso phansi, bathi: “Nkulunkulu! Nkulunkulu! Mthombo wokuphila konke, usuzothukuthelela yonke inhlangano ngenxa yesono somuntu oyedwa nje?”


“USimakade, uNkulunkulu wemimoya yonke, makamise umuntu phezu kwenhlangano,


UJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Baba, ezandleni zakho, ngiyawubeka umoya wami.” Esekushilo lokho, wafa.


UStefani bamkhanda ngamatshe, yena ekhuleka, ethi: “Nkosi uJesu, yemukela umoya wami.”


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka