“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.
UDaniyeli 7:4 - IsiZulu 2020 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu. Contemporary Zulu Bible 2024 Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu. |
“USawule noJonathani babethandeka, beyigugu; ekuphileni nasekufeni kwabo kabehlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, benamandla kunezingonyama.
Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.
Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!
Ingonyama iphumile ehlokozini, umbhubhisi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba enze izwe lakho libe yincithakalo, imizi yakini icekelwe phansi, kungabi bikho ohlala kuyo.
Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, uyakundiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.
“Bheka, njengengonyama iphuma ehlozini eJordani, iya emadlelweni aluhlaza, ngiyakubazuma kanjalo abakwa-Edomi, ngibaxoshe ezweni labo. Noma ngubani okhethiweyo ngiyombeka ababuse. Ngokuba ngubani onjengami na? Ngubani ongangiphosela inselelo na? Yimuphi umelusi ongama phambi kwami na?”
Abasixoshayo babenejubane ukwedlula izinkozi zezulu; besixosha naphezu kwezintaba, besilalele unyendle ehlane.
uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari,
“Ndodana yomuntu, yisho kumbusi waseThire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Uqhoshile enhliziyweni yakho, wathi: “ ‘ “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sonkulunkulu, phakathi olwandle.” “ ‘Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, nakuba wenze inhliziyo yakho yaba njengekankulunkulu.
Ngabe usasho yini kokubulalayo, uthi: “ ‘ “ ‘Mina ngingunkulunkulu na?’ “ ‘ “Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, ezandleni zokugwazayo.
Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.
Ngaso leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami, nobuhle bami babuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu wami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, kwenezelelwa ubukhulu obedluleleyo kimi.
Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa zavunyelwa ukuba ziphile kuze kube yisikhathi esithile.
“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’
“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,
Isilo engasibonayo sasifana nengwe, izinyawo zaso zinjengezebhere, umlomo waso ufana nomlomo webhubesi. Udrago wasinika amandla akhe, isihlalo sakhe sobukhosi, negunya lakhe elikhulu lokubusa.