Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 7:4
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

OSawule noJonathani babebahle, bethandeka ekuphileni kwabo, nasekufeni kwabo abahlukananga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


Kangakanani umuntu, eyimpethu? kanti indodana yomuntu iyimpethu?


Zisabe, Jehova, ukuze izizwe zazi ukuthi bangabantu nje. Sela.


Ushiyile indawo yakhe yokucasha njengengonyama, ngokuba izwe labo liyincithakalo ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yolaka lwakhe.


Bheka, uyenyuka njengamafu, nezinqola zakhe zinjengesivunguvungu; amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithi! ngoba sonakele.


Ingonyama yenyuka iphuma ehlathini layo, nomchithi wezizwe usendleleni; uphumile endaweni yakhe ukuze enze izwe lakho libe yihlane; nemizi yenu iyakuba yincithakalo, kungabikho ohlala khona.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe phezu kukaMowabi.


Bheka, uyakwenyuka njengengonyama emfuleni iJordani, akhuphukele endaweni eyinqaba; kepha ngiyakumbalekela ngokuzuma; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na?


Abasizingelayo banejubane kunezinkozi zezulu; basixosha ezintabeni, basilindela ehlane.


Uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu, namaphiko amade, lugcwele izimpaphe, ezinemibala ehlukahlukene, lwafika eLebanoni, lwathatha igatsha eliphezulu lomsedari.


Ndodana yomuntu, yisho enduneni yaseTire, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngoba inhliziyo yakho iphakeme futhi wena wathi: NginguNkulunkulu, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu, phakathi kolwandle; nokho ungumuntu hhayi uNkulunkulu, ngisho noma ubeka inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu.


Usathanda ukuthi phambi kokubulalayo: NginguNkulunkulu? kepha uyakuba ngumuntu, ungabi uNkulunkulu esandleni salowo okubulalayo.


Nomaphi lapho kuhlala khona abantwana babantu, izilwane zasendle nezinyoni zezulu, wakunikela esandleni sakho, wakumisa ube ngumbusi phezu kwakho konke. Wena uyikhanda legolide.


Ngaso leso sikhathi ingqondo yami yabuyela kimi; udumo lobukhosi bami kwabuyela kimi eludumo lombuso wami; abeluleki bami namakhosi ami bangifuna; ngase ngiqiniswa embusweni wami, ngenezelwa nobukhosi obuhle kakhulu.


Kepha ezinye izilwane, ukubusa kwazo kwasuswa, kepha ukuphila kwazo kwandiswa isikhathi nesikhathi.


Bheka, kwakukhona esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, simi ngalapha, sinezimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; basebesithi kuye: Vuka udle inyama enengi.


Ngokuba lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.


UJehova uyakulethela isizwe esivela kude, emikhawulweni yomhlaba, esindiza ngejubane njengokhozi; isizwe ongayikuzwisisa ulimi lwaso;


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zinjengezebhere, nomlomo waso unjengomlomo wengonyama, udrako wamnika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, negunya elikhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka