Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi; ngabheka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Eyokuqala yayinjengengonyama, inamaphiko okhozi; ngabuka, kwaze kwaba yilapho amaphiko alo ehlwithwa, yaphakanyiswa emhlabeni, yema ngezinyawo zayo njengomuntu, yanikwa inhliziyo yomuntu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 7:4
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“OSawule noJonathani babethandeka, bemnandi; ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga; babenejubane kunezinkozi, babenamandla kunezingonyama.


Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”


Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*


Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, uyandiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu; basizingela ezintabeni, basiqamekela ehlane.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu noluzimpaphe zalo zinkulu, lugcwele izimpaphe ezinemibala eyahlukeneyo, lweza eLebanoni, lwathatha isihloko somsedari*,


“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu


Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?


Ezindaweni zonke lapho abantwana babantu behlezi khona, izilwane zasendle nezinyoni zezulu uzinikele esandleni sakho, wenze ukuba ubuse phezu kwazo zonke. Wena uyikhanda legolide.


Ngasona leso sikhathi wabuyela kimi umqondo wami, nobukhosi bami nokucwebezela kwami kwabuyela kimi, kwaba ludumo lombuso wami; abomkhandlu bami nezinduna zami bangifuna; ngase ngibekwa embusweni wami, ngenezelwa ubukhulu obudluleleyo.


Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


Nomaphi lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.


“UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,


Isilo engasibonayo sasifana nengwe, nezinyawo zaso zazinjengezebhere*, nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka