Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:49 - IsiZulu 2020

49 “USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

49 “UJehova uyakukuthumela isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba njengokundiza kokhozi, isizwe ongayikuqonda ulimi lwaso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

49 UJehova uyakulethela isizwe esivela kude, emikhawulweni yomhlaba, esindiza ngejubane njengokhozi; isizwe ongayikuzwisisa ulimi lwaso;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:49
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”


Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa, mhlazana ephuma eGibhithe. Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:


indlela yokhozi emkhathini, indlela yenyoka edwaleni, indlela yomkhumbi phakathi nolwandle nendlela yendoda entombini.


Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.


Kwase kufika umphrofethi u-Izaya kuHezekiya, inkosi, wathi kuye: “Bebethini laba bantu; baphumaphi njengoba beze kuwe na?”


Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye, kithi, ngokuba sichithiwe!


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, uyakundiza njengokhozi, elulele amaphiko akhe kuMowabi.


Bheka, uyakukhuphuka ashwize njengokhozi, ehle, elulele amaphiko akhe phezu kweBhozira. Izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakufana nenhliziyo yowesifazane ohelelwayo.


Abasixoshayo babenejubane ukwedlula izinkozi zezulu; besixosha naphezu kwezintaba, besilalele unyendle ehlane.


Ngiyakunikhipha kuwo, ngininikele esandleni sabafokazi, nginijezise.


“Ake ukhulume kuyo indlu ka-Israyeli ehlubukayo, uthi: ‘Anazi yini ukuthi lezi zinto ziyini na?’ Yisho uthi: ‘Inkosi yaseBhabhele yaya eJerusalema, yathumba inkosi yalo nezikhulu zakhona, yaziyisa kanye nayo eBhabhele.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari,


futhi akuyibo abantu abaningi abakukhuluma kwabo kungezwakali nolimi lwabo lungaqondakali, ongaqondi namazwi abawashoyo. Impela ukuba bengikuthume kubantu abanjalo, bebeyakukulalela.


“Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


“Beka uphondo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaSimakade, ngokuba basephulile isivumelwano sami, bamelana nomthetho wami.


Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”


“Noma kuphi lapho kunesidumbu khona, kulapho amanqe ebuthana khona.


Emthethweni kulotshiwe ukuthi: “Ngezinye izilimi, nangezindebe zabanye, ngiyakukhuluma kulesi sizwe; kodwa noma kunjalo asiyukungizwa,” kusho iNkosi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka