Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:10 - IsiZulu 2020

Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Izihlathi zakho zinhle kangakanani zinezintambo zobuhlalu, nentamo yakho ineminaka.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Izihlathi zakho zinhle ngezinhlobonhlobo zamatshe ayigugu, intamo yakho ngamaketanga egolide.

Uka jalj uñjjattʼäta



IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:10
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,


Ngambuza ngathi: ‘Uyindodakazi kabani na?’ “Wathi: ‘Ngiyindodakazi kaBhethuweli ozalwa nguNahori kuMilkha.’ “Ngakho-ke ngamfaka icici ekhaleni namabhengele ezihlakaleni zakhe.


Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.


UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni.


iyoba ngumqhele wobuhle ekhanda lakho, nomgexo entanyeni yakho.


Sizokwenzela imigexo yegolide enobuhlalu besiliva.


Ungephuce inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami. Ungephuce inhliziyo yami ngokungibuka kanye nje ngeso lakho, nangomucu owodwa nje womgexo wentamo yakho.


Izihlathi zakhe zifana nombhede wamakha, imibhoshongo yamakhambi anephunga elimnandi. Izindebe zakhe zomlomo zifana neminduze econsa imure emanzi.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”


kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.