Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:53 - IsiZulu 2020

53 Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:53
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.


Lapho amakameli eseqedile ukuphuza, inceku yathatha icici legolide lasekhaleni, elisisindo salo kuyingxenye yeshekeli, namasongo amabili asezingalweni, asisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide,


Uyise uJehoshafathi wayebaphe izipho ezinkulu zesiliva, zegolide, nezinto ezinhle kakhulu nemizi ebiyelweyo kwaJuda, kodwa umbuso wawunika uJehoramu ngoba wayeyizibulo.


Omakhelwane babo babasiza ngezinto zesiliva nezegolide nangezinye izinto, nemfuyo nezinto eziyigugu, ngale nje komnikelo wesihle ababewunikelela ithempeli.


Ngakho-ke tshela abantu ukuthi yilowo nalowo wesilisa makacele kumakhelwane wakhe, nabesifazane bacele komakhelwane babo izimpahla zesiliva nezegolide.”


Abantu bakwa-Israyeli benza njengoba uMose ayebatshelile; bacela kwabaseGibhithe ubucwebecwebe besiliva, igolide, nezimpahla zokugqoka.


kodwa yilowo nalowo owesifazane uyocela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobele emzini wakhe, izinto zesiliva, ezegolide, nezingubo zokugqoka, niyogqokisa amadodana namadodakazi enu; nibaphange kanjalo abaseGibhithe.”


Izihlathi zakho zinhle zinemicu yobuhlalu, intamo yakho inemigexo.


Izitshalo zakho ziyisivande samahananadi esithela izithelo zekhethelo; ihena elinamanadi,


UHezekiya wazemukela, wayesezikhombisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, igolide, amakha, amafutha amahle, zonke izikhali zakhe, nakho konke okwakusendlini yokugcina ingcebo yakhe, akukho lutho esigodlweni sakhe nasembusweni wakhe angabakhombisanga khona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka