Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UGenesise 24:53 - Contemporary Zulu Bible 2024

53 Inceku yayisikhipha izinto zesiliva nezegolide, nezingubo, yazinika uRebeka; wabanika umnewabo nonina izinto eziyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

53 Inceku yakhipha izipho eziwubucwebecwebe zesiliva, negolide, nezembatho, yamnika uRibheka, yanika futhi umfowabo nonina izipho eziyigugu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 24:53
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.


Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, inxenye yeshekeli, namasongo amabili ezandleni zayo, amashekeli ayishumi egolide;


Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide nezinto eziyigugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda; kepha ubukhosi wabunika uJoramu; ngoba wayelizibulo.


Bonke ababebazungezile baqinisa izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezilwane, nangezinto eziyigugu, ngaphandle kwakho konke okwanikelwa ngokuzithandela.


Khuluma ezindlebeni zabantu ukuthi, ngulowo lalowo kumakhelwane wakhe, lalowo lalowo owesifazana kumakhelwane wakhe uboleke izinto zesiliva legolide.


Abantwana bakwa-Israyeli benza njengezwi likaMose; baboleka kwabaseGibithe izinto zesiliva nezinto zegolide nezingubo.


Kodwa yilowo nalowo wesifazane kumelwe atsheleke izinto zesiliva nezegolide nezingubo kumakhelwane wakhe nakuyena ohlala endlini yakhe; ulidwebe phezu kwamadodana akho namadodakazi akho; futhi kumelwe niphange abaseGibhithe.


Izihlathi zakho zinhle ngezinhlobonhlobo zamatshe ayigugu, intamo yakho ngamaketanga egolide.


Izitshalo zakho ziyinsimu yamahalananda, izithelo ezimnandi; i-camphor, ne-spikenard,


UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwakutholakala engcebweni yakhe. Akubangakho lutho endlini yakhe nasekubuseni kwakhe konke uHezekiya angabavumelanga ukuba bakubone.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka