Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 31:50 - IsiZulu 2020

50 Silethe umnikelo kaSimakade, yilowo nalowo kulokho akutholileyo: izinto zegolide, izigqizo, amasongo, izindandatho, amacici, nemigexo, ukuze senzele imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaSimakade.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

50 Ngakho saletha umnikelo womlilo kuJehova abawutholayo, kwaba yilowo nalowo, izinto zegolide, namaketanga, namasongo, namasongo, namacici, nezibhebhe, ukwenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 31:50
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngiyakumnikani uSimakade ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle angenzele zona na?


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.


“Lapho kubalwa abantu bakwa-Israyeli ukuze bonke babhaliswe, lapho bebhaliswa, bonke bayakukhokha inhlawulo yempilo yabo kuSimakade, ukuze bangehlelwa ubhubhane ngenxa yokubalwa.


Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide.


Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.


zathi kuye: “Izinceku zakho zibale wonke amabutho asesandleni sethu, akukho nalinye elisalile.


UMose no-Eleyazare, umphristi, bemukela igolide kubo, nawo wonke amagugu ezinto ezenziweyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka