UGenesise 41:42 - IsiZulu 202042 UFaro wakhumula indandatho yakhe yokusicilela esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izembatho zelineni elicolekileyo, wamfaka nomgexo wegolide entanyeni. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE42 UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202442 UFaro wayesekhipha indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa ilineni elicolekileyo, wafaka iketanga legolide entanyeni yakhe; Uka jalj uñjjattʼäta |
Kuthe ngosuku lwe-13 ngenyanga yokuqala, kwabizwa bonke onobhala benkosi. UHamani wabayala ukuba babhale konke ayebatshela khona, bakuhumushele kuzo zonke izilimi, ezincwadini eziya kuzo zonke izifundazwe, bese bekuthumelela iziphathimandla zenkosi, nababusi, nabaholi babantu, nakuzo zonke izifundazwe; kwabhalwa egameni lenkosi u-Ahasheveroshi, kwasicilelwa ngendandatho yayo.
Inkosi yamemeza kakhulu ukuba kulethwe abathwebulayo, amaKhaledi, nabahlola imihlola. Yayisikhuluma inkosi, yathi kwabahlakaniphileyo baseBhabhele: “Noma ngubani ongafunda lo mbhalo, angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okubukhwebezane, afakwe nomgexo wegolide entanyeni yakhe, abuse engowesithathu embusweni.”