Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”
Mathewu 19:26 - IsiZulu 2020 Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka. |
Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”
Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengokusho kwezwi likaSimakade ayelikhulume ngomlomo ka-Eliya.
“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.
“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?
Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Nakuba kuyakuba yisimangaliso lapho insali yalaba bantu izibonela ngawayo amehlo ngalezo zinsuku; ngabe kuyakuba yisimangaliso yini nakimi uma ngizibonela ngawami amehlo na?” kusho uSimakade Wamabandla.
USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”
Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?”
UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?”
UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”
akunakwenzeka ukuba bathi sebehlubukile, bayibethela bona uqobo iNdodana kaNkulunkulu, ukuba babuye futhi baphenduke, lokhu bayithele ngehlazo obala.
UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”