Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:23 - IsiZulu 2020

23 USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 INkosi yasisithi kuMozisi: Isandla seNkosi sifitshane yini? manje uzobona ukuthi izwi lami lizakuza kuwe noma qha.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:23
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngabe kukhona yini okulukhuni kakhulu okwehlula uSimakade na? Ngesikhathi engisinqumileyo ngonyaka ozayo, ngizobuya ngize lapha; ngizomfica uSara esenendodana.”


Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?” Wathi: “Banike abantu ukuba badle, ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ”


Induna yenkosi eyayiyisethenjwa yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uma uSimakade enza amafasitela ezulwini, lokhu kungenzeka kanjani na?” Wathi: “Uyakukubona ngamehlo akho, kodwa ungakudli.”


Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.


Kungani ufana nomuntu omangele, nanjengeqhawe elingenakusindisa na? Wena Simakade, uphakathi kwethu; sibizwa ngegama lakho, ungasishiyi.


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


“Bheka, nginguSimakade uNkulunkulu wabantu bonke, kukhona yini okungehlulayo na?


Kepha Mina Simakade ngiyakukhuluma lokho engiyakukukhuluma, izwi liyakufezeka, futhi aliyukubambezeleka, ngokuba ngezinsuku zenu, nina ndlu ehlubukayo, ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, kusho iNkosi uSimakade.’ ”


“ ‘Mina Simakade ngikukhulumile lokho; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyukukuyeka, angiyukuhawukela, angiyukuzisola. Uyakwehlulelwa njengokuziphatha kwakho nangezenzo zakho,’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Kwathi lapho inkosi isisondele kuwo kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elinosizi; yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, nceku kaNkulunkulu ophilayo, ngabe uNkulunkulu wakho omkhonza njalo ukwazile yini ukukuhlenga ezingonyameni na?”


Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na?


Bangahlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibenele na? Ukhona yini oyakubalethela izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibenele na?”


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka