Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UNumeri 11:22 - IsiZulu 2020

22 Bangahlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibenele na? Ukhona yini oyakubalethela izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibenele na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bayakuhlatshelwa izimvu nezinkomo ukuba zibanele na? Noma bayakubuthelwa yini izinhlanzi zonke zolwandle ukuba zibanele na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Umhlambi wezimvu lezifuyo uzahlatshelwa bona ubanele yini? Noma bayobuthwa zonke izinhlanzi zolwandle ukuze zibanele?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UNumeri 11:22
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Induna yenkosi eyayiyisethenjwa yamphendula umuntu kaNkulunkulu, yathi: “Uma uSimakade enza amafasitela ezulwini, lokhu kungenzeka kanjani na?” Wathi: “Uyakukubona ngamehlo akho, kodwa ungakudli.”


Ngiyakuyithatha kuphi inyama engingabanika yona bonke laba bantu na? Bayangikhalela ukuba ngibanike inyama badle.


Wayesethi uMose: “Abantu engiphakathi kwabo abahamba ngezinyawo bayizi-600 000, wena uthi: ‘Ngiyakubanika inyama ukuba bayidle inyanga yonke.’


USimakade wathi kuMose: “Ngabe isandla sikaSimakade sifinyeziwe, asisenamandla na? Manje-ke nizakubona ukuthi izwi lami liyafezeka kini noma qha.”


Abafundi bathi kuye: “Pho singazitholaphi lapha ehlane izinkwa eziningi ezingenela isixuku esingaka na?”


Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu abangama-200, sibaphe badle na?”


Abafundi bakhe bamphendula, bathi: “Umuntu angazithatha kuphi izinkwa lapha ehlane ezingasuthisa laba bantu na?”


UZakhariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Sengiyindoda endala, nomkami usekhule kakhulu.”


UMariya wathi engelosini: “Kuyokwenzeka kanjani lokhu, njengokuba ngingayazi indoda na?”


“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka