Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 3:8 - IsiZulu 2020

8 Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe phezu kwabantu bakho. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 3:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

kodwa yena wema phakathi nesiqinti, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uSimakade wamnika okukhulu ukunqoba.


Ngingowakho, ngisindise, ngokuba ngizifunile iziyalezo zakho.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


Khanyisa ubuso bakho phezu kwenceku yakho, ngomusa wakho ungisindise.


Mabahwamuke njengamanzi achithekayo; lapho ekhomba ngemicibisholo yakhe, mayibe sengathi inqundekile.


Igama layo malime kuze kube phakade, udumo lwayo luphakame njengelanga. Zonke izizwe mazidunyiswe ngayo, bonke abezizwe mabathi ibusisiwe.


Bathele ngovalo, Simakade, ukuze izizwe zazi ukuthi zingabantu nje. Sela


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.


Mina, Mina nginguSimakade, ngaphandle kwami akekho uMsindisi.


Impela amagquma ayize nomsindo wezintaba. Ngokwempela, ukusindiswa kuka-Israyeli kukuSimakade uNkulunkulu wethu.


Kepha Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho selokhu kwaba seGibhithe; awuyukumazi omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami, akekho futhi omunye uMsindisi ngaphandle kwami.


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


Ekusukeni komphongolo, uMose wathi: “Vuka, Simakade; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo babaleke phambi kwakho.”


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya;


wathi: “Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngikwandise nokukwandisa.”


Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa.


Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu,


Samemeza ngezwi elikhulu, sathi: “Insindiso ingekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi, neyeWundlu!”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka